Ikomishina yabaSebenzela iSizwe inikezwe igunya ngokuphathelene nomthetho sisekelo wonyaka ka 1996, ukuba ikhuphule futhi iqiniseke ukuziphatha kwezinga eliphezulu kwabantu abanesikhundla abasebenzela iZwe lonke. Ngonyaka ka 1997 umkhuba ofanele wokuziphatha kwabantu abasebenzela iZwe yamenyezelwa yabuye yakhushulwa ngendlela yokubiza imisebenzi yokukhanda kanye nabomthetho ezingeni labesizwe nalabo abahlala emaphandleni. Kwabe kufanele kuthuthukiswe incwadi eluleka ngokuziphatha ukuze abantu bazuze ukuqondisisa okungcono nokusetshenziswa kwayo.
Engxenyeni yeKomishana esebenzela iSizwe, ngibona ngihlonishiwe ukwethula incwadi echaza umkhuba wokuziphatha ngendlela efanele kwabantu abasebenzela iSizwe saseNingizimu Afrika. Umkhuba wokuziphatha ngendlela efanele isisekelo esibalulekile sokubusa nokuziphatha okufanele kwabasebenzela iSizwe. Lomkhuba ubuye uphakamise izindaba ezinjengokuhlonipha amalungelo abantu, indlela yokusebenza komthetho, ukuzimisela, ukuveza obala kukaHulumeni, ukuziphatha komuntu kanye nokuzijabulisa kwangasese.
Ikomishana yabasebenzela iSizwe icela zonke izisebenzi, kusukela kulabo abasezingeni eliphansi kuya kweliphezulu, ukuba babonise ukuqonda okubonakalayo indlela yenqubo, iziqondiso nemiyalo equkethwe kumkhuba ophathelene nokuziphatha okufanele. Lokhu akufanelanga nje kuphela, kodwa kungamandla okwenza uma sifuna ukufinyelela izidingo ezifanele ezidingwa izakhamuzi zethu. Kubaluleke kakhulu ukuba abasezikhundleni balandule ngokomthetho, bavimbele futhi bangamukeli amathuba kanye nezipho ngoba lokhu kungathathwa njengemfumbathiso.
Sifisa ukuncoma bonke abaphathi kanye nabasezikhundleni abazibandakanye ekuthuthukiseni umkhuba wokuziphatha ngendlela efanelewabantu abasebenzela iSizwe. Ngicela ukuba niqhubeke nokwenza umsebenzi omuhle ningayeki izinselelo zokukhuphula umthetho wokuziphatha kwabasebenzi iSizwe.
Ikomishana yabasebenzela iSizwe ifisa ukuthi lencwadi echazayo izokuba umhlahlandlela ofanele ekukhuphuleni ukwethembeka kanye nobuqotho endaweni yomsebenzi ibuye igcugcuzele amathuba amakhulu kithi sonke ukuba sizuze usiko lokungamukeli inkohlakalo eNingizimu Afrika.
Okokugcina, bengifisa ukuba bonke abasebenzela iSizwe baqiniseke ukuba ukuziphatha okufanele kuvumelana nendlela eyamukelekile yokubusa nokuphatha umphakathi nokuthi bazijwayeze umkhuba wokuziphatha ngendlela efanele kanye nale ncwadi echazayo.
Umphathi: Ikomishana yabaSebenzela iSizwe.
Iminyango kaZwelonke kanye neziFundazwe zisekele ukuthuthukiswa kwale ncwadi echazayo zibuye futhi zinikele ngezimvo ezibalulekile zokuyithuthukisa.
Ihovisi lalowo oVikela abasebenzela iSizwe nawo wengezile ekuthuthukiseni lombhalo ngemibono ebalulekile.
Izinhlangano nezinYonyana zabasebenzi zizibandakanye kumihlangano embalwa kanye nemisebenzi yokukhanda nazo zenza iziphakamiso ezibalulekile.
Okokugcina, sijabulela umnYango wamaNgisi wokuthuthukiswa kwezizwe zangaphandle ngokunikela ngemali yokushicilela le ncwadi echazayo ephathelene nomkhuba wokuziphatha ngendlela efanele yabantu abasebenzela iSizwe.
Injongo yale ncwadi ukuchaza ngokugcwele okuqukethwe kumkhuba wokuziphatha ngendlela efanele. Ukubunjwa ngokomthetho umkhuba wokuziphatha kudinga isibindi ukuqondisisa kanye nohlelo lwamagama asemthethweni.
Le ncwadi ijonge ekwenzeni ukuba abasebenzela iSizwe baqondisise kahle lomkhuba.
Le ncwadi ayethuli imithetho emisha kanye nokulandela isakhiwo nokubeka imithetho njengasencwadini ephathelene nemikhuba, ukwenzela ukuthola umahluko kalula. Uma kusetshenziswa le ncwadi, iminyango kumele izame ukwengeza ngezibonelo yazo, ezihambelana nesimo sendawo abakuso.
Kumele kugcizelelwe ukuthi ukuthuthukiswa kwale ncwadi kuyinqubo ebalulekile futhi kuzodinga ukuba ibukezwe ngazo zonke izikhathi, njengawo umkhuba wokuziphatha.
Ekukhuphuleni izinga eliphezulu lokuziphatha okufanele endaweni yomsebenzi, abasebenzi kumele bagcugcuzelwe ekucabangeni nasekuziphatheni okulungile. Ngakho-ke le ncwadi kumele ithathwe njengencedayo ekuthuthukiseni nasekuthuleni amakhono okufundisa zonke izisebenzi. Le ncwadi ibuye iqokathe izibonelo ezibonisa ukuziphatha okudidayo endaweni yomsebenzi okumele kuthathwe njengesisekelo sokufundisa kanye nezifundo ezike zenzeka.
Njengomngani walomkhuba, le ncwadi izosiza ekuqiniseni ukuzethemba okuqotho kanye nokungakhethi kwabaSebenzela iSizwe ngokunikeza okuncane okulindelwe imithetho eyamukelekile yokuziphatha okulungile nokubonakalayo.
Kuyiphuzu elamukelekile ukuthi umuntu ufunda ngendlela yokuqaphela kanye nokwenza. Iqhaza elikhulu /elibalulekile libekwa kumqashi, ikakhulu labo abanamandla okwenza(Ongqonqoshe kanye ne MEC's) ezingeni leze polotiki, kanye naba phathi kowo wonke amazinga emisebenzini yeSizwe, ukudala indawo eyamukelekile lapho indlela efanele yokuziphatha ingavezwa kanye nesibonelo esihle sibekelwa zonke izisebenzi.
Isiqundu 195 (a) soMthetho siSekelo sidinga ukuba kukhushulwe futhi kugcinwe izinga eliphakeme lokuziphatha ngokulungileyo. Mayelana nemvumelwano ehlangene(Public Service Co-ordinatin Bargaining Council Resolution 2 of 1999) bonke abasebenzi bomphakathi baneqhaza okumele balibambe ukuvumelana nokushiwo kumkhuba wokuziphatha ngendlela efanele. Njengoba lokhu kuyisisekelo esikhulu esakhelwe ekwenzeni kahle nangendlela efanele, umqashi kumele aqiniseke ukuthi zonke izisebenzi ziyawazi umkhuba wokuziphathe ngendlela efanele.
Kubalulekile ukugqizelela ukuthi injongo enkulu yokuziphatha yileyo eyamukelekile, okuwukukhuphula isibonelo esihle sokuziphatha. Ngaphandle kwa lokhu, isisebenzi singatholakala noma singabekwa icala lokungaziphathi kahle mayelana nomthetho oshiwo ngenhla, bese sibekwa icala mayelana neSigaba-18 kuya ku-27 owaphakanyiswa kumkhuba wabasebenzela iSizwe wonyaka ka 1997, uma umuntu engalandeli lomkhuba obekiwe wokuziphatha ngendlela efanele.
Isisebenzi kumele sithembeke kuRiphablik sibuye sihloniphe uMthetho siSekelo sigcine noma samukele imisebenzi esinikezwa yona yonke imihla.
Okuhambelana neRephablic kumele kuthathwe njengokuhambelana "nokubuzwe"eliyiNingizimu Afrika. Kuyisidingo sokuqala esibonisa ukwethembeka kwezisebenzi zonke.
uMthetho siSekelo uphathelene nalezo zinto ezihlobene namalungelo kanye nezinto ezigculisa zonke izakhamuzi. Lezinkomba zomkhuba zisuka nje zidinga ukwethembeka kwezisebenzi zeSizwe kunqubo eyenzekalayo ekubuseni kwentando yeningi. Okwesibili, ukubaluleka koMthetho siSekelo kumele kwamukelwe futhi kuhlonishwe yiwo wonke umuntu. Okwesithathu, sonke isisebenzi Sezwe kumele siqondisise ngokwanele okuqukethwe kanye nenjongo yoMthetho siSekelo njengendlela yokugcina kanye nokuqhuba okuhle okwenzakalayo.
Isibonelo 1: Abasebenzela Isizwe kumazinga ahlukene bavumelekile ukuhlanganela nasekwenzeni iziphakamiso eziphathelene nemigomo. Lezi ziphakamiso kumele zihlolisiswe ukuqiniseka ukuthi aziphikisani nomoya noma imilayezo ethile yoMthetho siSekelo. LeMithetho siSekelo efana nokubambisana nesizwe kanye nokuveza obala imisebenzi kumele ilandelwe ngokwanele ekuqhubekeni ekudaleni umgomo.
Isibonelo 2: Isiqendu 33 soMthetho siSekelo sivumela ukuba lowo muntu amalungelo akhe athintekile yizindlela zokuphatha unelungelo lokunikezwa izizathu ezibhaliwe. Lokhu kuchaza ukuthi, ukulandela uMthetho siSekelo isisebenzi seSizwe kumele siqiniseke ukuthi izinqumo ezithathwayo kanye nokwenziwayo kusekelwe phezu kwezizathu ezizwakalayo, ukuze lezozizathu zizokwazi ukunikezwa lowo othintekile. Eqinisweni eliphelele, lokhu kuchaza ukuthi zonke izigqibo zokuphatha ezithathiwe zikwazi ukumela kokuzivivinywa kokuvezwa okusobala.
Isisebenzi kumele sigculise isizwe kuqala uma senza umsebenzi waso.
Lo mlayezo uchaza ukuthi lapho kumelwe kuthathwe izinqumo noma umuntu azibonele ngokwakhe, ukunakelela okukhulu kumele kubhekelwe ekugculiseni iSizwe kuqala. Ukuzigculisa kwezisebenzi noma okuphathelene nohlelo olulodwa kumele kubekwe ngemuva.
Isibonelo 1. Ingcwethi esebenza esibhedlela iboshezelwa imvumelwano yomsebenzi esiyenzile yokusebenza kusuka ngehora lesi - 8 ukufika kwelesi-16:30. Awekho amalungiselelo enziwe aphathelene nokusebenza isikhathi esingeziwe. Isanqotho sishaya amandla kagesi anikezwa isibhedlela okubangela ukuba amagumbi okuhlinzela asebenzise umshini wokwenza ugesi . Nawo lowo mshini unikeza izinkinga okwenza ukuthi ingcwethi iyalezwe ngokufanele kwenziwe masinyane ekulungiseni umshini wokwenza ugesi ngehora lesine. Kuzomela ukuba ingcwethi iqedele ukulungisa umshini nanoma kubonakala ukuthi isikhathi sayo okuvunyelwene ngaso seseqile kwesibekiwe.
Isibonelo 2: Iningi lezisebenzi ezisebenza ehovisi lesifunda zinesifiso sokuthatha ikhefu lonyaka enyangeni kaZibandlela. Uma ikhefu linganikezwa, lokhu kuchaza ukuthi ihovisi alisoze laphumelela ukwenza umsebenzi walo womphakathi ngokufanele. Ukuvumelana kumele kwenziwe phakathi kwabaphathi nalezo zisebenzi, okusho ukuthi ezinye izisebenzi kumele zisebenze ukuqiniseka ukuthi umsebenzi uqhubeka ngendlela efanele.
Isisebenzi senza umsebenzi wemigomo kaHulumeni obusayo ngokuthembeka njengoba igcinwe kwimibhalo ephathelene nomthetho.
Amalungelo wabantu aseMthethweni siSekelo, nokunye, avikela amalungelo aleso naleso sakhamuzi sepolitiki, okufaka namalungelo okuba ngelinye ilungu lepolitike azikhethele lona. Imiphumela yenqubo yokhetho elinamavoti amaningi ivumela iqembu lepolitiki ukuthatha indawo ehovisi. Okuchaza ukuthi okuthandwa ngumuntu othize akusoze kwavezwa emiphumeleni yokukhetha. Kungabuye kuchaze ukuthi okubalulekile, izinhlelo zokusebenza kanye nemigomo okuvunyelenwe ngayo kuHulumeni obusayo kuzokwehluka kulokho okubalulekile komuntu osebenzela iSizwe. Izisebenzi zeSizwe kumele zisebenzele uHulumeni okhethiwe ngendlela yokuzinikela, yobuhlakani kanye nokuthembeka ekwenzeni imigomo.
Isibonelo 1: Isisebenzi esisebenzela iSizwe sikholelwa ekuthini ukubaluleka kokunakelelwa kwabagulayo kumele kuthathwe njengento esemqoka kumgomo wezwe sibuye sivumelane neqembu lepolitiki esamukela lombono. UHulumeni obusayo, yena uthatha ukunikezwa kwezindlu nokuqedwa kobugebengu njezinto eziza kuqala kumgomo wazo. Ngakho-ke isisebenzi kumele samukele okubalulekile kuHulumeni. Lokhu akusho ukuthi imibono kanye nokulethwe yisisebenzi kuyacindezelwa.
Isibonelo 2: Uma uHulumeni obusayo ecabanga ukusungula isikimu esithile, kuyiqhaza okumele libanjwe yisisebenzi ukunikeza izeluleko noma amasu okusungula nokuthi lelisu lingasetshenziswa kanjani. Nanoma isisebenzi singavumelani nalesi sikimu, kumele sibekele izinzwa zaso eceleni sithathe isinqumo okuvunyelwana ngaso ngokubheka amathuba akhona kanye nobuhle nobubi balowo nalowo mbono okhethiwe ngendlela efanele ukulandelwa imiphakathi ebandanyekayo.
Isisebenzi sizama ukuzijwayeza kanye nokuvumelana nayo yonke imithetho neminye imiyalo ekhona ephathelene nokuziphatha kahle nasekwenzeni imisebenzi yaso.
Ukuze usebenze ngokufanele nangokuthembeka kuHulumeni obusayo kanye nesizwe sonke, izisebenzi zimele zibe nolwazi oluqukethwe ngumsebenzi eziwusebenzayo, kanye nolwazi oluhambelana nemigomo yemisebenzi eziwenzayo kanye nenqubo elandelwayo.
Abaphathi kumele babonise isiqiniseko sokuthi isisebenzi sinolwazi ngokuqukethwe umsebenzi waso. Izisebenzi nazo kumele zibambe iqhaza zizame ukuba izisebenzi ezinolwazi, zisebenze ngokufanele nangendlela imigomo ichazwa ngayo nokulandela imiyalo ekhona ezindaweni zomsebenzi ukuze zigculise iSizwe kanye nomphakathi eziwusebenzelayo.
Isibonelo 1: Ukungajwayeli ukusebenza ngokulotshwe ngezezimali, isisebenzi sivumela ukuthengwa kwempahla ngaphandle kokuthola izinto ezidingwayo kulowo ophatha ezezimali. Leso senzo sichaza ukusetshenziswa kwemali okungekho emthethweni okungaletha ukukhuphuka kwezindleko kanye nokumosheka komsebenzi osemthethweni kanye nokubanga umonakalo.
Isibonelo 2: Ngenxa yokuswela ulwazi, isisebenzi sinikeza ulwazi olungesilo kumuntu owenze isicelo sezinto ezidingekayo yemali yobudala yomhlalaphansi, inqubo okumele ilandelwe uma wenza lesicelo, noma imali okumele lowo muntu ayithole. Lokhu kungaba nomphumela ongemuhle kulelungu lomphakathi.
Isisebenzi sisebenzisana nezinhlangano zomphakathi eziqanjwe ngaphansi komthetho kanye noMthetho siSekelo ekuthuthukiseni okugculisa umphakathi.
Izinhlanganiso ezimbalwa ziqanjwe ngaphansi koMthetho siSekelo uMthetho ovikela umphakathi, ikomishana elisebenzela umphakathi, ikomishana lokulingana ngokobuhle, njalo njalo, nezinye izinhlangano eziqanjwe ngokomthetho, amabhodi okuthenda, amakomishana okubuza kuwo. Lezi zinhlangano zisebenza njengendlela yokuhlola nokulinganisa ukuze kube nesiqiniseko sokuphatha ngendlela efanele. Izisebenzi zeSizwe kumele zingabheki lezi zinhlangano ngeliso elibi, kodwa kumele zizincede ekwenzeni imisebenzi yazo, isibonelo, ngokunikeza ulwazi nezi ncazelo abazidingayo.
Isibonelo 1: Uma ihovisi lokuvikela isizwe lifanele lifunisise ngesikhalo esenziwe ilungu leSizwe mayelana negatsha elithile likaHulumeni, lizothola ukubambisana nezisebenzi kulelogatsha ngokunikezela ngolwazi olufunwayo.
Isibonelo 2: Umphathi jikelele wezezimaliuthola ukungasetshenziswa kahle kwezimali egatsheni lezezimali, abaphathi kulelo gatsha akufanele baphatheke kabi ngokutholiwe. Kumele bezwisise futhi bamukele umsebenzi womphathi jikelele, babambisane ngokugcwele nalenhlangano ekuxazululeni izinkinga.
Isisebenzi sithuthukisa ubunye kanye nokuhlalisana kwesizwe saseningizimu Afrika ngokwenza imisebenzi yesikhundla sakhe.
Ukuze sikwazi ukwamukela kanye nokugcina imiqondo ephakeme ebekwe kumMthetho siSekelo, imizamo enenhloso neyokuzimisela iyadingeka kuzo zonke izakhamuzi. Bonke abasebenzela iSizwe bathathwa njengengxenye "kahulumeni" ngakho-ke lokhu kubaluleke kakhulu kubo.
Isibonelo 1: Umoya omuhle wamaqembu, wokusebenzisana kanye nobudlelwane, ukuncedana kanye nokuzwana ezinhlanganweni zabasebenzi bezizwe ezahlukene abasebenzela ngqo iSizwe, babeka isibonelo esihle kumphakathi wonke uphelele. Isibonelo esihle kungaba kusehovisi elinikeza izincwadi zomazisi noma imvume yokwedlulela kwamanye amazwe.
Isibonelo 2: Isisebenzi kumele sizame ukubhalisela ukufunda ulimi olulodwa olusemthethweni olusetshenziswa kuleyo ndawo. Kanjalo futhi kumele sigcugcuzelwe ekuhumusheleni ulimi kwezinye izilimi ezisemthethweni kumihlangano uma kunesidingo.
Ukusebenzela abantu kunceda umphakathi wonke uphelele, ngakho-ke balindele ukuphathwa ngendlela enhle nelinganayo, yobungane nehloniphekile. Ngakho-ke izisebenzi kumele zenze lokhu ngokuphatha ngokulinganayo abasebenza nabo nalabo ababasebenzelayo, ngendlela engasoze idale ukuthembana kwabantu kuphela, kodwa edala ukwamukela nokujabulela imisebenzi eyenziwe kahle nangobuqotho.
Isibonelo 1: Isisebenzi sinesikhundla kumnyango lapho abantu benza izicelo zemisebenzi ethize. Umakhelwane wesisebenzi unolwazi lokuthi isisebenzi singafaka umoya kunqubo kanti futhi umakhelwane angacela usizo lokuthi leso sicelo senziwe ngokushesha. Isisebenzi kumele siqaphele lesi simo kahle, ngoba indlela ayithathile yokunceda umakhelwane ingathathwa njengendlela yokukhetha umakhelwane wakhe kunabanye abenze izicelo.
Isibonelo 2: Isisebenzi kumele sicele amakhasimende eme emugqeni, ukuze wonke umuntu ancedwe uma ithuba lakhe selifikile ngaphandle kokukhetha omunye noma ukucatshangelwa njengomuntu okhethayo.
Isisebenzi silungile, siwuncedo futhi siyatholakala uma sisebenza ngabantu, siphatha abantu njengamakhasimende afanele ukuthola uncedo oluphakeme ngaso sonke isikhathi.
Kubalulekile ukuba izisebenzi ziqondisise ukuthi ekukhetheni umsebenzi wokusebenzela abantu, zizibophezela ekuncedeni umphakathi wonke uphelele.
Abantu balindele ukuncedwa, babuye badinge ukuba izisebenzi zibekhona ukuze zibancede ngendlela enhle yobungane nehloniphekile.
Isibonelo 1: Isisebenzi samukela ucingo oluvela kulungu elithile, kodwa kuyacaca ukuthi obuzayo kumele ancedwe ngesinye isigaba noma umnyango othile. Isisebenzi siphendula ngokuthi azame kwenye indawo. Lokhu bekungaba imbangela yokuthi lelungu lomphakathi lidluliselwe kunombolo noma kubantu abangenalo uncedo alufunayo. Lokhu akumncedanga ngalutho futhi kudala isithombe esingesihle kunhlangano esebenzela abantu. Isisebenzi kumele sizinikele ekutholeni umuntu noma umnyango ofanele bese siphendula lowo odinga usizo.
Isibonelo 2: Uma unceda ekhawundini kutholakala ukuthi akekho odinga uncedo kodwa osebenzisana naye unabantu abalinde ukuncedwa. Isisebenzi sivumelekile ukunceda asebenzisana naye ngokubizela abantu ekhawundinu yakhe, uma kuphela sinolwazi olwanele lwalowo msebenzi noma uncedo oludingwayo.
isibonelo 3: Uma ilungu lomphakathi libuza ophethe ngomhlangano abavumelene ngawo, asithi, ukuthola ulwazi oluphathelene ngezidingo ezifanele ukuze uthole indlu yombuso , ophethe kumele azame ukufaka lomuntu ohleleni lwakhe lwezikhathi. Lokhu kukhombisa ukuziveza kanye nokuvuma ukuba uncedo kubantu.
Isisebenzi sibhekela izimo kanye nezidingo zabantu ngokwenza umsebenzi wesikhundla akuso kanye nasekuthatheni izinqumo eziphathelene nabo.
Nanoma izidingo noma izimo ezithile zabantu zibukeka zingabalulekanga emehlweni esisebenzi, isisebenzi kumele sizame ukunikeza ulwazi noncedo ngomoya ophansi kanye nezeluleko ezingaba wusizo ekuxazululeni izinkinga.
Izidingo eziphathelene nabantu noma izinhlanganiso kumele zamukelwe ngokufanele. Ukulandela inqubo yokubonisana noma yokucacisa ngezindaba okuphululwa ngazo kungaba nomthelela omkhulu ekwamukeleni izimo kanye nezidingo zabantu.
Isibonelo 1: Indawo esemqoka yokunakelela abagulayo ihlelelwe umphakathi wabantu basemaphandleni, kodwa kunelinye isu lokubanceda ngohlelo lwendlu yabagulayo ehambayo. Umphakathi kufanele ubuzwe ukuthola ukuthi yikuphi okungcono.
Ngokwenze njalo kuqinisela isinqumo esithathwayo kanye nokubonisana nomphakathi ngenkathi kusaqalwa ukuhlelwa.
Isibonelo 2: Osebenzela abantu uneqhaza alibambayo ekuqhubekiseni izicelo zokwehliselwa zamalunga womphakathi oswelway ohlala emikhukhwini . Uma lezicelo zingabhekisiswanga masinyane nangendlela efanele, lokhu kuchaza ukuthi lonke uhlelo lwezindlu lizakubambezeleka okuzobangela ukuthi abantu bahlale ezimeni zobuphofu isikhathi eside kunokuba ngabe kwenziwe uncedo masishane.
Isisebenzi siphoqelekile ukwenza umsebenzi waso ngesikhathi esifanele ukuze sithuthukisele phambili wonke umuntu wase Ningizimu Afrika.
uHulumeni obusayo ucacise kahle injongo yokubhekisisa ukuthuthuka kwemiphakathi ebicindezelwe ngaphambilini, njengoba kuvezwa kuHlelo loKwakha nokuThuthukisa . Lokhu kumele ukwenziwa yiyo yonke iminyango njengemisebenzi esezinhlelweni yazo.
iNingizimu Afrika izwe elisathuthukayo, iningi lengxenye yabantu balo, ngezizathu ezithile. abanalo ulwazi ngamalungelo kanye nezidingo zabo, usizo olubafanele, inqubo okumele bayilandele kanye nabantu abangabanceda kulezinto. Njengoba umsebenzi wabantu kuwukunceda wonke umuntu, izisebenzi zibophelekile ekuncedeni lawo malungu eSizwe angenalwazi, ngokuwanikeza ulwazi oluphelele, izeluleko kanye nosizo abaludinayo. Lokhu kumele kwenziwe ngendlela enhle nelungile, noma badluliselwe kwezinye izinhlangano noma izakhiwo ngomoya ohloniphekile nowobungane.
Isibonelo 1: Isisebenzi singasola odinga uncedo ukuthi angahle kube wumuntu ozwana nobulili obufana nobakhe . Lokhu kungahle kungamukeleki kusisebenzi, kodwa noma kunjalo isisebenzi sifanelekile ukuba sinikeze uncedo oludingwa yilowo muntu obelunganikezwa kunoma yimuphi umuntu.
Isibonelo 2: Abantu abambalwa balinde ukuncedwa, kusenjalo kuqhamuka ilunga lomphakathi elaziwayo futhi elinesithunzi elidinga ukuncedwa masinyane. Uma isisebenzi sivumela lowo muntu eqe abalindile, kusho ubandlululo kubantu abalinde emgqeni.
Isisebenzi sehlisa isithunzi saso sokunceda isizwe ngokuthi sethuthukise noma sibandlulule iqembu lepoletiki noma inhlanganiso yabantu ethandwa nguye.
Njengoba isizwe simele sincede wonke umphakathi ohlanganise izinhlobo zamaqembu, amaqembu epolitiki, kanye nabantu bezinkolelo ezahlukene, njalo njalo. Abasebenzela iSizwe akufanelanga bazibandakanye kuzindaba ezibonisa sengathi isisebenzi sithanda elinye iqembu kunelinye.
Isibonelo 1: Isisebenzi siyingxenye yenhlangano ayijwayele efanele ukuncintisana kumali enikezwa nguMbuso njalo ngonyaka. Isisebenzi siphethe isikhundla kumnyango omele uhlolisise, uqhube ubuye unikeze izizathu neziphakamiso kuNqonqoshe ophathelene nalowo msebenzi.
Isisebenzi akuvumelekanga ukuba sisebenzise isikhundla saso ukuzwelana nenhlangano akuyo noma abandlulule ezinye izinhlangano.
Isisebenzi kumele sizame ngawo onke amandla ukuvimbela ukuphikisana okungadaleka ngenxa yokuba ethanda inhlangano yakhe. Leso sisebenzi simele sibonise ngendlela yemvume esikuthandayo kumphathi waso ukuvimbela okungathathwa noma okucatshangwa yilokho okusigculisayo.
Isibonelo 2: Izisebenzi zilindeleke ukusekela abaphathi bazo abakhulu ekulungiseleni imibhalo, njalo njalo, ezosetshenziselwa izizathu ezisemthethweni njengemibhalo yezimpikiswano zemithetho esazokhishwa. Izisebenzi azivunyelwanga ukuzibandakanya ekulungiseleni nasekubhaleni imibhalo ezosetshenziswa izikhulu zazo eqondene namaqembu epolitiki.
Isisebenzi sihlonipha sibuye sivikele isithunzi sawo wonke umuntu namalungelo akhe agcinwe kuMthetho siSekelo.
Izisebenzi kumele ziziphathe ngenhlonipho kulabo ezisebenzisana nabo nasesizweni, kungakhathalekile ukuthi ngobani, babukeka kanjani, bakusiphi isimo, njalo njalo. Ukuziphatha kwezisebenzi kwabanye kumele kukhombise ubungane, uncedo kanye nokulingana.
Isibonelo 1: Uma izisebenzi kumakhawudi zihlangabezana nomuntu ophuzile noma onomsindo, kumele ziphathe lomuntu kahle njengabanye, ngokumnceda kahle nangomoya ophansi. Kumele kukhunjulwe ukuthi abantu bahlala baqaphelisise lesi simo, isisebenzi sizobeka isithunzi somsebenzi wokunceda abantu ngokuphatha abantu kahle.
Uma leso , isisebenzi sehluleka ukuphatha leso simo, akufanelanga sithathwe inhliziyo, kodwa sithathe lowo muntu simuse kumphathi, ozozama ukusinceda ngasese.
Isibonelo 2: Abantu baphoqelelwa ukweswela imali ukuba benze izicelo zosizo kunhlalakahle. Abaphethe kuleyo ndawo okufanele babancede ngamafomu, kumele bazwelane nesimo abakuso babancede ngendlela ebonisa uzwelo.
Isisebenzi siqondisisa ilungelo lomuntu ekutholeni ulwazi, ngaphandle kolwazi oluqondene nokuvikelwa komthetho.
UMthetho siSekelo unikeza izinxenye ezimbili mayelana nokutholakala kolwazwi. Eyokuqala ngeyokukhuphula kokuvezwa okubonakalayo okuvumela sonke isakhamuzi ekutholeni ulwazi olwanele oluphathelene nabantu bonke. Lokhu ukuvumela wonke umuntu ekusunguleni imigomo abathanda ukuba isebenze. Okwesibili, lolwazi lunikezwa ukuze izakhamuzi zikwazi ukuvikela amalungelo azo athile njengoba anikezwe kumbhalo wamaLungelo aBantu. Bangacela izizathu ezibhaliwe ngenqubo eyenzekalayo ebavimbela kokuthile. Kokunye bangacela ulwazi oluphathelene nokusebenzisa ukuvikela amalungelo abo.
Njengoba zonke izisebenzi ziqaphele, ukuqonda ukuthi uluphi ulwazi oluphathelene nabantu yinto edidayo. Olunye luthathwa njengolwazi oluvikelekile olumele luphathwe iminyango mayelana nomhlahlandlela olwazini oluncane. Umthetho ovulekile wokubusa ngentando yeningi nawo uzimisele ukudala isisekelo esanele lapho lezinto zizomele ziphathwe yiminyango. Lokhu kubuye kudidaniswe yiphuzu lokuthi umthetho ophathelene nabaqashi wonyaka-ka 1995 nawo unikeza izndlela ezithile zokuthi izisebenzi zikwazi ukuthola ulwazi oluphethwe nguHulumeni njengomqashi ukuvikela amalungelo athile wokuqasha izisebenzi.
Izisebenzi kumele ngazo zonke izikhathi ziqondisise ukuthi kuyilungelo labantu ukuthola ulwazi.
Wonke umyango kumele wenze umgomo ofanele ohambelana nemithetho ekhishwayo kaZwelonke ukuqhuba loludaba ezinhlanganweni zazo.
Izisebenzi kumele ziqaphele izimo kanye nemigomo ephathelene nokuhanjiswa kwalolu daba kuminyango yazo.
Izizathu nezindlela ezilandelwayo eziyimiphumela yokuqhutshwa kwalomsebenzi kumele zibhalwe phansi ukuze ulwazi lutholakale uma ludingeka.
Uma ulwazi ludingwa ilunga lesizwe lungatholakali, izizathu ezamukelekile zalesinqumo ezithathiwe kumele zinikezwe lelolunga.
Isibonelo 1: Ukunikeza abantu ulwazi ngesikhathi esifanele kubalulekile. Uma ilungu leSizwe elicele ulwazi oluphathelene nemali yebhasari lunikezwa emva kokuba ukubhaliswa kwalowonyaka wokufunda sekuvaliwe, isizathu sokunikeza lolo lwazi sizobe sesicithiwe.
Isibonelo 2: Ukutholakala kolwazi kubuye kuchaze ukuthi ulwazi kumele lugcinwe futhi luhlale lubukezwa njalo. Uma ilunga lePalamende ludinga ulwazi oluthile ukulungiselela impikiswane esalindisiwe epalamende, ukwehluleka komnyango ukunikeza ulwazi olubukeziwe ngesikhathi esifanele kungalimaza inqubo yokubusa ngentando leningi.
Isibonelo 3: Ukunikeza ulwazi olungalungile kunga buye kube yinkinga. Amalungu eSizwe, okuyisibonelo, angafunisisa ngokusebenza okusha kwesikimu okutholakala ukuthi olunye ulwazi oluphelele oluphathelene naso alukamukelwanga emthethweni. Isisebenzi esingakwazi lokhu, kodwa sinolwazi lwangaphambili ngalesi sikimu, singanikeza ulwazi olungekho emthethweni ebantwini. Abasebenzela iSizwe bangaphoxeka uma kunoshintsho olwenziwayo kusikimu okuzokwenza ukuba sisebenze ngendlela ehlukile kuleyo elindelwe iSizwe.
Isisebenzi sisebenzisana ngokubambisana nezinye ukuqhubekisela phambili ukugcilisa noma ukujabulisa iSizwe.
Zonke izisebenzi zimele ziqaphelisise ukuthi zisebenzela injongo eyodwa efanayo, ewukusebenzela uHulumeni obusayo kanye nomphakathi ngendlela elungile nethembekile. Ngakho-ke izisebenzi zimele zenze yonke imizamo yokusebenza ngokubambisana nezinye. Ngokunceda nokusekela ezinye izisebenzi kanye nokwabelana ngolwazi, imibono kanye nezinto okusetshenzwa ngazo uma kunesidingo, izisebenzi zizokwazi ukusebenza ngendlela enhle nelungile ezogculisa uHulumeni kanye nomphakathi.
Isibonelo 1: Kubalulekile ukuqaphela loko okujongwe noma okuhloswe ngabasebenzela iSizwe kanye nokuzwisisa ukuthi ingxenye encane oyidlalayo, iyasiza ekuletheni /ekuzuzeni okuhle okufanayo. Ngakho-ke isisebenzi kumele samukele imibono neziphakamiso ezilethwa abasebenzi abavela kwezinye izingxenye. Umona awuvumelekile noma ingqondo yokuthi "suka endaweni yami" emsebenzini weSizwe.
Isibonelo 3: Isisebenzi sicelwa ngomunye umnyango ukuzonceda kulabo abazokhetha abasebenzi abasoluhleni lwamagama. Isisebenzi kumele sincede njengokuceliwe uma siphumelela. Simele sibheke ubuningi bomsebenzi esinawo kumyango waso bese sicela imvume kophethe.
Isisebenzi senza yonke imiyalo esiyinikezwe yilabo abaphethe abasezikhundleni, uma lokhu kuvumelana nokubekiwe koMthetho siSekelo noma omunye umthetho.
Kubalulekile ukuba izisebenzi zigcine yonke imiyalo eziyinikeziwe, ukuqiniseka ukuthi imiphakathi yenzelwa umsebenzi ngendlela efanele nehleliwe. Izinhlangano ezinkulu zeminyango esebenzela abantu zingasebenza kahle uma kunokuhambelana okufanele okusemthethweni okuhlonishwa yibobonke abaqashiwe. Uma yonke imiyalo esemthethweni ingenziwa ngesikhathi nangendlela efanele inhlangano iphelele ingasebenza kahle.
Isibonelo 1: Isisebenzi sinikezwa umyalo ovela kumuntu ophethe noma onesikhundla esiphezulu kwezepolitiki ukuba senze okungavumelekile nokubhaliwe okubopha lowo osebenzela iSizwe. Isisebenzi simele sazi imithetho efanele ukuze sibonise ophethe ukuthi leyonto ayamukelekanga ngokusemthethweni. Uma lowo muntu ephikelele, isisebenzi kumele sicele ukuba lowo myalo ubhalwe phansi, sichaze nokulandula kophethe sibikele abasemthethweni ngaloludaba.
Isibonelo 2: Uma isisebenzi silayezwa ngophethe ukuba senze i-oda yokuthenga impahla ngokungalandeli inqubo eyenziwayo, isisebenzi singacela ukuba lendaba idluliselwe kophatha izimali ukuba enze isinqumo.
Isisebenzi sinqabela ukukhetha izihlobo kanye nabangane kumisebenzi ephathelene nomsebenzi waso sibuye singoni isikhundla noma sifake umoya omubi kwesinye isisebenzi noma naso sifakelwe umoya omubi wokuphatha kabi isikhundla saso.
Osebenzela iSizwe ufanele ukukhetha, akhuphule abuye aklomelise isisebenzi, kungakhathalekile ukuthi uxhumene noma imibono yakhe ngeyeqembu elithile lepolitiki, uhlobene noma unesikhundla emphakathini, unekhono lokwenza umsebenzi.
a. Ukukhetha- Lokhu kuchaza ukuthi izisebenzi ezithile yizona ezikhethiwe, ezikhushulwayo, ezidluliselwa noma ezinikezwa impatho elungile esuselwe kulowo ozicabangelayo okungaba ngumngane noma obuyisela okuhle ake enzelwe kona, njalo njalo.
b. Ukufunela noma ukunikeza obaziyo isikhundla- Lokhu kuchaza ukuthi isisebenzi sikhethwe, sikhushulwe, sidluliselwe noma sinikezwe okuhle okubonakala kuseselwe ephuzini lokuthi sinobuhlobo noma sazana nomuntu ophethe onegunya lokukhohlisa noma lokufaka umoya kuhlelo okuhanjiswa ngalo.
Isibonelo 1: Izisebenzi ezimbili(uA noB) zamukelwa ekusebenzeleni iSizwe. Zinikezwa isikhundla esifanayo, zingabangani futhi zisebenzisa ihovisi elilodwa. Isisebenzi B sikhushulelwa ukuba ngumphathi wesisebenzi A. Kanjalo, siba nesikhundla sokunikeza imisebenzi ethize kumnumzane -A, ukuze akhombise izehlakalo ezibalulekile ezibonisa udumo kunalabo asebenza nabo. Uma isikhathi sifika sokubheka ukuthi umnumzane A ufanele liphi izinga, okuwumsebenzi ozokwenziwa nguB ngomdlandla nangendlela ebonisa ukukhetha, uthola umklomelo noma bekubonakala ukuthi akawufanelanga.
Isibonelo 2: Isisebenzi sisebenza kunqubo yokukhetha umuntu esikhundleni somsebenzi weSizwe. Isisebenzi sikhetha esimthandayo ngoba engumngane noma baseqenjini elilodwa lepolitiki noma abantu bohlanga olufanayo. Lokhu kufunela omaziyo isikhundla, akuvumelani nenjongo ehloswe nguMthetho siSekelo kanye nokugculisa uHulumeni.
Isibonelo 3: Kunezindlela eziningi ezingenza ukuba isisebenzi singaphathi isikhundla saso kahle, isibonelo, izisebenzi ezinamandla okuphatha indawo lapho kuma khona izimoto zezisebenzi zinemiyalo ecacile yokuthi indawo yemoto ngeyabo noma izivakashi ezisemthethweni kuphela. Osesikhundleni esingaphezulu weqa lomyalo ngokuvumela lowo athandana naye ukuba amise imoto yakhe kuleyondawo ngaso sonke isikhathi. Lesi senzo sibangela ukuba izisebenzi zingahloniphi imithetho kanye nabaphethe futhi siyinto evimbezela ukusebenza okufanele kwenhlangano.
Isisebenzi sisebenzisa indlela efanele yokuveza izikhalo zaso noma labo abafanele ukusimela.
Nanoma sazi ukuthi izikhalo kanye nokuphikisana into ehlala ivela ngaso sonke isikhathi endaweni yomsebenzi wabasebenzela iSizwe, kungaba usizo konesikhalo kanye nomqashi ukuthi lezo zikhalo nokuphikisana okuphakathi kwalamaqembu amabili kuxazululwe masinyane. Kungenxa yalesizathu ukuthi inqubo yokuxazululwa isikhalo nokuphikisana okuthile kumele kusetshenziswe yizo zonke izisebenzi.
a. Isikhalo noma impikiswano ingaxazululwa ngendlela efanele uma amaqembu omabili avuma ukuxoxisana.
Inqubo yezikhalo bheka kusiqendu 35 kumthetho wabasebenzela iSizwe, wonyaka-ka 1994 ufunde kanye nemithetho ehambelana nokuxazululwa kwezinkinga kanye nezikhalo zabaphathi beSizwe, umthetho no. 6575 wosuku luka 1 July 1999 ochaza ukuthi noma yisiphi isisebenzi sivunyelwe ukuletha isikhalo kumphathi waso, umphathi kumele asidlulisele kuziphathi mandla eziphezulu, uma ehluleka ukuxazulula leso sikhalo.
Isibonelo 1: Ophethe ubika ngendlela ephikayo ngokwenziwa yisisebenzi ngenkathi kuhlolisiswa imisebenzi ngaphandle kokunikeza isisebenzi ithuba lokubeka indaba yaso. Lokhu kwehlukile kumithetho elandelwayo yabasebenzi. Ophethe isisebenzi seSizwe kumele abone ukuthi ukusebenzela iSizwe kufanele kube isibonelo mayelana nokuthobela incwadi kanye nomoya ophathelene nomthetho wendawo, aqiniseke ukuthi ngaso sonke isikhathi uziphatha ngendlela elungile neqotho.
ii). Inqubo yebhodi lokuxazulula(mayelana nohlamvu 15(i) kusheduli 7 womthetho wokusebenza kwabantu ka 1995 ochaza ukuthi noma yisiphi isisebenzi singaletha isikhalo(ukuphathwa kabi) komkhulu ophethe inhlangano okufuneka enze ibhodi lokuxolelana noma ukubuyisana, adlulisele lesisikhalo kulelibhodi uma yena ehluleka ukusixazulula.
Isibonelo 2. Isithunya esingajabuleli ukukhishwa emsebenzini ngendlela engafanelanga, singaletha lesisikhalo kwabakhulu abaphethe uMnyango, okumele babheke ukuthi loludaba luyaxazululwa. Uma omkhulu ophethe umnyango ehluleka ukuluxazulula ngamalanga angamashumi amabili, ofake isikhalo angacela ophethe ukuba adale ibhodi lokuxolelana ngamalanga ayishumi, elimele lizame ukuxazulula lenkinga. Uma leli bhodi lehluleka ukuxazulula lolu daba, onesikhalo angaludlulisela kukantolo yabasebenzi ukuba lixazululwe khona.
Uma isikhalo siphathelene nokungaqhutshwa kahle noma ngezenzo zobandlululo ezenziwa ngumqashi, isikhalo singadluliselwa koVikela iSizwe.
Isibonelo 3: Isithunywa esiqaphela inqubo yomthetho esolekayo endaweni yakhe yomsebenzi, singaveza lokhu kumphathi waso noma komkhulu ophethe umnyango. Uma singagculiswa yindlela umphathi waso noma omkhulu ophethe umnyango emukela ngaso lolu daba, onesikhalo angaludlulisela koVikela iSizwe. Ezimeni ezithile onesikhali angakhetha ukubonana ngqo noVikela iSizwe.
Ukufeza injongo ephelele esekelwa yibo bonke abasebenzela iSizwe, okuwukwenza umsebenzi obalulekile eSizweni, bonke abaphathi abasebenzela iSizwe babophezekile ukubona ukuthi izisebenzi ezingaphansi kwabo zinolwazi kanye namakhono okwenza imisebenzi yazo ezingeni elidingekile, ukuthi zigcugcuzekile ukwenza leyo misebenzi futhi zinesifiso sokukhuphula ubuhlobo obuqinile.
siqondisise ukuthi ukukhushulwa kwezisebenzi kuqondeni.
Sihlolisise njalo izidingo zokukhuphula izisebenzi.
Siqale icebo lokukhuphula izisebenzi.
v. Siqaphelisise njalo ukuthi lecebo liqhubeka kanjani.
Isibonelo 1: Osesikhundleni kumele, ngokubonisana nesisebenzi esiqashiwe, athole izidingo zomsebenzi odingwa ukuqeqeshwa noma ukufundiswa. Izidingo zoqeqesho kumele zifakwe kuzinhlelo zokuqeqesha ezihambelana namaphepha noma izincwadi zokuqhuba umsebenzi. Uhla lokuqeqesha kumele lenziwe ngendlela ezobonisa inqubekela phambili yomsebenzi wesisebenzi esiqashiwe.
Sizwisise ukuthi ukugcugcuzela izisebenzi kuchazani.
Siqale indlela ezokhulisa izinga lokugcugcuzela izisebenzi uma kufanele, futhi iv. Siqaphelisise njalo izinga lokugcugcuzela izisebenzi.
Azwisise ukuthi ukusebenzisa izisebenzi kuchazani.
Ahlole izinga lokusetshenziswa kwezisebenzi.
Aqale izindlela ezizokhuphula ukusebenza okuphezulu kwezisebenzi, kanye iv. Nokuqaphelisisa njalo ukusetshenziswa kwezisebenzi.
Isibonelo 2: Abaphathi kumele ngaso sonke isikhathi baqaphelisise inani lomsebenzi kanye nezinga lokusebenza kwezisebenzi ukuqiniseka ukuthi zonke izisebenzi zisetshenziswa ngokwanele. Lokhu kuzovimbela isimo lapho ezinye izisebenzi zibe nomsebenzi omningi kanti ezinye zinomncane. Izisebenzi kumele ukuba zigcugcuzelwe ukuzijwayeza umsebenzi okungewona inxenye yabo nomsebenzi othuthukile kunowabo, ukuthi zizokhula ngolwazi njengezisebenzi, lokhu kuzozilungiselela ukuba zisetshenziselwe izinga eliphezulu esikhathini esizayo.
Okuzwisisa ukuthi ukusebenzisana nokuphilisana okuqinile kuchazani.
ukuhlola ukusebenzisana okuqinile kanye nokuphilisana kwezisebenzi.
Aqale izindlela, uma kufanele, zokuthuthukisa izisebenzi kanye nokuphilisana; kanye iv. Nokuqaphelisisa njalo ukusebenzisana phakathi kwezisebenzi.
Isibonelo 3: Abaphathi kumele baqaphelisise. umoya wokusebenzisana kuzingxenye zamaqembu, lapho kutholakala kungekho ukuzwana nokuphikisana babengabalamuli.
Isisebenzi sisebenza ngomusa, ngokufanele kanye nokulingana nezinye izisebenzi, kungakhathalekile ukuthi ubuhlanga, ubulili, imvelaphi yomuntu, ibala, isimo esiqondene nobulili, unyaka, ubuqhwala, inkolo, ipolitiki okukholelwa kulo, isazela, inkolelo, usiko kanye nolimi.
UMthetho siSekelo, umthetho wokusebenza nezisebenzi kanye nomthetho ojwayelekile, unikeza izisebenzi ezisebenzela iSizwe ilungelo lokuqala lokuthi baphathwe kahle nangokulingana. Uma lelo lungelo liphazanyiswa ngendlela ethize, izisebenzi zingasebenzisa izindlela zokuxazulula izikhalo ezinikezwe kumthetho wabasebenzela iSizwe, wonyaka-ka 1994, umthetho wokuphatha abasebenzi beSizwe kanye nomthetho wokusebenzisana wonyaka-ka 1995, noma bangaxhumana nenkundla yomthetho, inkundla ephakeme noma evikela abasebenzi ekuxazululeni lezikhalo, okuya ngesimo ezikuso. Ngakho-ke kubalulekile ukuba abaphathi abasebenzela iSizwe bazi ukuthi impatho efanele nelinganayo ichazani.
Ukunikeza ezinye izisebenzi ithuba lokubeka icala lendaba yaso ngaso sonke isikhathi.
Isibonelo 1: Uma isisebenzi sitholwe, ake sithi sinecala lokungaziphathi kahle, kumele siphathwe ngendlela efanele.
Ukutshelwa ngesikhathi esanele icala esibekwe lona.
Sinikezwe ithuba lokuveza umbono kulabo abalalela amacala.
Sinikezwe ilungelo lokumelwa.
Sithole lonke ulwazi olufanele.
Ukulunga okukhona kuchaza ukuthi onke amaphuzu abekiwe kumelwe ukuba abhekisiswe kahle yibo bonke ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo.
Sibenolwazi oluphelele ngendaba okukhulunywa ngayo.
Sisebenzise umqondo waso ngokuphelele kuzindaba ezifanele.
iv. Sisebenzisane kahle ezimeni zamaqembu ukuze zikwazi ukwenza imisebenzi nokuxazulula izinkinga.
v. Sihloniphe amalungelo ezinye izisebenzi vi. Sicabangele okujabulisa noma okugculisa abanye abayamekayo.
Ngaso sonke isikhathi siphathe ezinye izisebenzi ngokulingana.
Sicabangele wonke umuntu sibuye sisebenzise indlela efanayo ekuthatheni izinqumo ezithinta abanye.
Isibonelo 2: Ophetheyo unikeza isikhathi sekhefu kuqembu lenhlangano akhonza noma asonta nalo, kodwa ehluleke ukunikeza enye inhlangano yenkolo isikhathi sekhefu. Lolu ubandlululo. Zonke izinhlangano zenkolo zimele ziphathwe ngokufanayo.
Isisebenzi asivumelani nemisebenzi ephathelene namaqembu epolitiki endaweni yomsebenzi.
Mayelana noMthetho siSekelo, osebenzela iSizwe kumele azi ezepolitiki ukuze ancede umphakathi. Lokhu kuchaza ukuthi abasebenzela iSizwe kumele bancede zonke izakhamuzi ezweni futhi bangakhethi. Abasebenzi beSizwe bamele ukusebenzela iSizwe sonke siphelele, bangaqhubi umsebenzi wokugculisa iqembu elithile lepolitiki.
Isibonelo 1: Umuntu ogqoka ithisheti ekhuzela iqembu lepolitiki ngenkathi enza umsebenzi wokunikeza abantu omazisi, angasolwa ngokuthi uqhuba umsebenzi ngokubandlulula uma ehluleka ukunikeza omazisi ngesikhathi esibekiwe, nanoma ukubambezeleka bekungaphezu kwesizathu ahluleka ukusigwema. Ukuqhubekela phambili, umuntu angaphatheka kabi uma encedwa umuntu othuthukisa iqembu elithile lepolitiki enhlanganweni yeSizwe.
Isibonelo 2: Isisebenzi esivumela amaqembu athile epolitiki ukuthola ulwazi oluvunyelwe kuwo wonke umuntu kodwa sinqabele amanye amaqembu ezepolitiki ekutholeni lolulwazi, siyehluleka ukunceda wonke umuntu waseNingizimu Afrika, kungakhathalekile ukuthi ukhokhela liphi iqembu lepolitiki.
Isisebenzi sizama ukuzuza izinjongo zenhlangano ngendlela ephumelelisayo kanye nangendlela egculisa bonke abantu.
Emisebenzini yawo wonke amalungu, izisebenzi kumele ngaso sonke isikhathi zizibuze ukuthi ngabe lokhu ezikwenzayo kunomthelela ngempela ekuncedeni noma kungumphumela wokubalulekile okufanele kwenziwe inxenye ehlangene yenhlangano. Lokhu kudinga zonke izisebenzi ukuba zibe nolwazi olugcwele lwezinjongo nokuhloswe ukwenza izinxenye kanye nezinhlangano, kanti okunye okubalulekile imisebenzi yazo enxenyeni ehlangene.
Abaphathi kuwowonke amazinga nabo bazibuza njalo ukuthi imisebenzi eyenziwa izinxenye abaziphethe, ngabe inomthelela ekwenzeni imisebenzi enikezwe leyonhlangano.
Izisebenzi kanye nabaphathi kumele bavimbele ukuphindaphindwa komsebenzi omele wenziwe ngenye inhlangano.
Isibonelo 1: Isisebenzi sidlala imidlalo kukomphutha yomsebenzi nangesikhathi somsebenzi. Lokhu kwehlisa umoya wokuzimisela nokutshontsha ithuba(noma imali) kumqashi. Uma umuntu enganamsebenzi awenzayo, kumele atshele umphathi wakhe ozozama ukuthi isikhathi sesisebenzi sisetshenziswe ngokufanele ekuzuzeni izinjongo zenhlangano.
Isibonelo 2: Umphathi wezinhlelo zezimali kumele aqaphele ekusebenziseni izimali zabantu ezingaphansi kwakhe ekuzuzeni okujongwe izinhlelo. Lokhu kudinga ukuhlelisisa okufanele nokuvimbela okumiselwe lokho(ad hoc) kanye nokuthatha izinqumo ungakacabangisisi kahle.
Isisebenzi sinemicabango emihle ekudaleni nasekwenzeni imisebenzi yaso, sifuna izindlela ezintsha zokuxazulula izinkinga sibuye sikhulise okuhle okuphumelelisayo ezindabeni zomthetho.
Izisebenzi kumele zizibandakanye ngokuphelele ekwenzeni imisebenzi yazo. Kumele zisebenzise imicabango yazo zithande ukwenza imisebenzi yazo kangcono noma ngokushesha ukuze zethule imiphumela nemisebenzi engcono. Ngesikhathi somsebenzi izinkinga ezimbalwa ziyavela ezimeni zomsebenzi. Izisebenzi kumele zizame ukuxazulula lezi zinkinga ngendlela efanele nesheshayo zibuye zicabangisise noma zidale izindlela ezifanele ukuvimbela ukwenzeka kwalezinkinga esikhathini esizayo.
Isibonelo 1: Uma isisebenzi sisebenza enxenyeni emele inikeze izitifiketi siqaphela ukuthi abantu abagculiswa inqubo elandelwayo nesikhathi esithathwayo ekunikezeni izitifiketi, kumele sona sidale izindlela ezingabangela ukuthi lomsebenzi wenzeke kahle nangokushesha, bese seluleka umphathi waso ngalokho.
Isibonelo 2: Uma isisebenzi sisebenza ehovisi elinceda abantu siphawula ukuthi abantu banenkinga ekutholeni indawo yokumisa izimoto zabo noma kumele balinde emigqeni isikhathi eside, kumele sizame isu lokuxazulula lenkinga. Indawo yokunceda abantu kumele isuswe iyobekwa endaweni eseduze netholakalayo kubantu, noma kwenziwe ezinye izindawo zokunceda abantu.
Isisebenzi sigcina isikhathi ekwenzeni imisebenzi yaso.
Izisebenzi kumele ziqaphele ukuthi izikhundla ezisebenza kuso zibalulekile nokuthi ekwenzeni imisebenzi yazo kudinga ukucophelela okwanele, isikhathi kanye namandla. Izisebenzi kumele zizame ukubona ukuthi imisebenzi yazo iqedwa ngesikhathi esibekiwe nefuneka ngaso.
Izisebenzi kumele futhi zizame ukuzigcugcuzela nokuziqondisisa, ukwethembeka ekwenzeni umsebenzi wazo ngendlela ebekwe kumigomo nasenqubekweni ngaphandle kokukhunjuzwa ngomunye umuntu.
Isibonelo 1: Isisebenzi sifika emsebenzini emva kwesikhathi futhi sidiniwe ngenxa yokuhlala isikhathi eside edilini ngobusuku obudlulile, sehluleke ukwenza umsebenzi waso ngendlela efanele. Ngakho-ke sinecala lokungabambi iqhaza emsebenzini waso, nasekumosheni imali yeSizwe.
Isibonelo 2: Uma isisebenzi kufanele siqede umsebenzi ophuthumayo ngesikhathi esibekiwe, kumele sisebenze ngendlela yokungeqi isikhathi esibekiwe. Lokhu kuzodinga ukuba sisebenze ngesikhathi saso setiye nesokudla kanye nasemuva kwesikhathi, noma sicele uncedo kwabasebenza naso uma sibona lomsebenzi umningi ukuthi ungaqedwa ngumuntu oyedwa ngesikhathi esibekiwe.
Isisebenzi senza imisebenzi yaso ngendlela ebonisa ubugcwethi nesiphiwo.
Izisebenzi kumele ngaso sonke isikhathi zizibuze ukuthi ziyagculiseka ngempela ngomsebenzi wazo, noma zingagculiseka uma zisezinyathelweni zalabo abalindele ukwamukela umsebenzi osuqediwe.
Zimele futhi zizibuze ukuthi ziphethe kahle (izisebenzi ezisebenza nabo, abaphathi kanye nabantu bonke) ngendlela yokuhlonipha isithunzi sabo namalungelo asemthethweni noma zibonisa umoya wokuba nolwazi, ukujabula kanye nokusebenzisana ngokuncedana okuphumelelisayo. Ikhono labo lokwenza umsebenzi ngendlela yobungcwethi nesiphiwo lizokuya ngolwazi olwanele elinalo lokwenza imisebenzi, okugcizelela iqhaza elibanjwa ngumqashi kanye nesisebenzi ekuhambeleni izindawo zokuqeqesha.
Isibonelo 1: Kwesinye isikhathi isisebenzi esisebenza ekhawundini kumele sincede umuntu okutholakala ukuthi unobunzima ekuzwisiseni ukuthi kungani ezinye izinto zifanele ukwenziwa ngendlela ethize. Isisebenzi akumele siphakamelwe inhliziyo, kodwa simele sichaze izizathu ngomoya ophansi. Uma lowo muntu engabonisi ukujabula, isisebenzi singamcela ukuba abhale isikhalo sakhe phansi, bese simnikeze ikheli lalapho singathumela khona isikhalo sakhe.
Isibonelo 2: Uma isisebenzi senza umsebenzi wokubhala izimpendulo ngokubuzwe ngabantu, kumele siqiniseke ukuthi yonke imibuzo iphenduliwe nokuthi izimpendulo ziphendulwe ngendlela efanele. Ezindaweni lapho impendulo ingasoze inikezwe ngaleso sikhathi, isisebenzi kumele sibonise ukuthi siwutholile umbuzo.
Isibonelo 3: Isisebenzi esisha sinikezwa umsebenzi wokusebenza ekhawundini ngaphandle kokuboniswa kahle nangaphambi kokuthola uqeqesho olufanele. Nanoma kungaphoqelelwa ukuthi isisebenzi sizowufunda umsebenzi ngenkathi sisebenza, kumelwe kuqashelwe okungekona okuzokwenziwa yileso sisebenzi ukwehlisa isithunzi saso kanye nesomqashi noma okuqashelwa ngamakhasimende ekuwachitheleni isikhathi.
Isisebenzi asizibandakanyi kumsebenzi wokuthengiselana ophikisana noma ophula amalungelo wokwenza umsebenzi wesikhundla anikezwe sona.
e. Edala ukuphoxeka kukaHulumeni njengomqashi; noma f. Ebonakala inobandlululo noma ukubasohlangothini lwamaqembu athize.
Ukuziphatha kwezisebenzi emsebenzini noma zingekho emsebenzini kumele kubonise ukwethembeka kanye neqiniso ekwenzeni umsebenzi wazo kuHulumeni obusayo nakumalungu eSizwe, ngenjongo eyodwa yokugculisa noma ukujabulisa umphakathi.
Isibonelo 1: Isisebenzi esisebenza ngokuthelisa intela akufanelanga, ngesikhathi noma ngaphandle komsebenzi senze lomsebenzi ekutholeni inzuzo engaphezulu, noma sincede abantu ekweqeni umthetho wentela.
Isibonelo 2: Isisebenzi akumelanga sibe yilungu lebhodi yenhlangano esebenzisana nomnyango awusebenzelayo.
Isisebenzi sizozihoxisa ekwenzeni umsebenzi osemthethweni noma enqubekweni yokuthatha izinqumo ezizomzuzela inzuzo engafanelanga, isisebenzi sifanele senze isiqiniseko ngalokho.
Uma izisebenzi zibona sengathi azisoze zisekele imiqondo yabantu ekwenzeni imisebenzi yazo noma ekuthatheni isinqumo, noma abanye abantu benesizathu sokuthi azivumelekanga ngenxa yokuthi zizibandakanye ezintweni ezingaphandle, kumele zihoxise kulemisebenzi ukuze zivikele isithunzi esiqotho nesethembekile sokusebenzela iSizwe.
Isibonelo 1: Uma isisebenzi sisebenzela abakhethiwe ekuqasheni abantu ababhaliselwe isikhundla esithile sithola ukuthi omunye walabantu oyilungu lomndeni wakhe wenze isicelo somsebenzi wabhaliswa kulabo okumele baqashwe, isisebenzi kumele sizihoxise kulenqubo ngoba imiqondo yakhe ayisoze ithathwe. Ngakho-ke kumele senze isiqiniseko esibhaliwe ngalokhu.
Isibonelo 2: Uma isisebenzi sibandakenye kunhlangano yokuthengela uHulumeni umhlaba, kanti lomhlaba ngowezihlobo zakhe, isisebenzi kumele sikuveze lokhu kubaphathi baso bese siyazihoxisa ekwenzeni lomsebenzi wokuthengiselana.
Isisebenzi samukela iqhaza lokuziveza kuqeqesho oluqhubekayo kanye nasekuthuthukiseni umsebenzi awenzayo.
Kuyiqhaza labaphathi ukuba babone ukuthi abangaphansi kwabo bathola uqeqesho oluqhubekayo ukuqinisela ekuzenzeleni imisebenzi ngokwabo kanye nokuzihlomisa ekukhuphuleni imisebenzi ngesikhathi esizayo.
b. Sinolwazi oluphelele nokuqondisisa ukuthi imisebenzi yaso yenziwa kanjani; futhi c. Sikhulisa ulwazi kanye namakhono ahlose izikhundla eziphezulu zemisebenzi yesikhathi esizayo.
Isibonelo 1: Uma isisebenzi esisha singaqinisekanga ngokumele sikwenze emsebenzini waso, kumele sifune okulotshiwe okuhambisana nalowo msebenzi noma sibuze kulabo abaphethe nalabo esisebenzisana nabo ukuba basincede.
Isibonelo 2: Izisebenzi ezisebenzela iSizwe isikhathi eside zingabonisa ukungazilungiseleli ezinxenyeni ezithile zomsebenzi wazo. Kungaba wusizo kubo ekusebenziseni amathuba wokuzithuthukisa, njengesibonelo, ekuzibhaliseni kuzifundo eziphathelene nokudingwa umsebenzi wazo.
Isisebenzi sithembekile futhi sizimisele ekusebenziseni imali yeSizwe nempahla kanye nengcebo yeSizwe ngendlela efanele, elungile nangenhloso esemthethweni kuphela.
Abantu bonke bephelele babeka ithemba lempahla kanye nemali kaHulumeni kuzisebenzi zeSizwe, ukuthi zizoyiphatha ngendlela efanele neqotho.
Izisebenzi zilindelwe ukuba zigcine kahle imali yabakhokhi bentelo ngendlela ziphatha ngayo imali nempahla yeSizwe. Kubalulekile ukuba izisebenzi ziqaphele ukugcina izindleko zikaHulumeni ziphansi, ukuze uncedo oluqinile noluhle luzokwenzelwa iSizwe ngengcebo elingene ekhona.
Isibonelo 2: Isisebenzi sisebenzisa impahla kaHulumeni(izimoto, imishini, ifenisha nokunye), ngendlela ebudedengu edala ukonakala. Lokhu kuchaza ukuthi imali yeSizwe imoshiwe nokuthi uncedo alwenziwanga ngendlela efanele, okuyinto engagculisi abantu noma iSizwe.
Isibonelo 3: Isisebenzi sisebenzisa impahla kaHulumeni (kusukela ezintweni ezifana namaphepha, amapensele ukuya ezimotweni), ngenhloso yakhe yangasese. Lokhu akugculisi iSizwe ngoba lomuntu akatshontsheli uHulumeni nemali yentela kuphela, kodwa wenza okungahlonipheki emsebenzini weSizwe.
Isisebenzi sithuthukisa inqubo yokuziphatha eqatha, elingene, ephumelelisayo, ebonakalayo kanye neyokuzimisela.
Ekuthuthukiseni inqubo yokuziphatha eqatha, elingene, ebonakalayo neyokuzimisela kuchaza ukuthi sonke isakhamuzi simele sithole usizo olulinganayo, oluhle, kanye nokuncedwa ngendlela yobungane, kungakhathalekile isimo akuso, ubulili, ubuhlanga, njalo njalo.
Ekwenzeni inqubo yokuziphatha eqatha, elingene kanye neyokuzimisela imithetho eyisisekelo yokuziphatha yoMthetho siSekelo kumele ngaso sonke isikhathi igcinwe engqondweni. Izisebenzi kumele ngaso sonke isikhathi ziqede imisebenzi yazo ngaphandle kokubambezeleka, futhi zilinge ukwenza imisebenzi emihle, kungakhathalekile ukuthi umsebenzi ubaluleke kangakanani.
Isibonelo 1: Uma isisebenzi sinikezwe umlayezo wokufothokhopha imibhalo okumele inamathiselwe ezincwadini ezithunyelwa ezinhlanganweni ezahlukene, lezi ncwadi ezizofothokhophiwa kumele zihlanzeke futhi zicace, ngoba lokhu kuzobeka inhlangano esithunzini esihle.
Isibonelo 2: Isisebenzi esenza umsebenzi wokuphatha izimoto zokuthutha zikaHulumeni kumele siqiniseke ukuthi zonke izincwadi okubhalwa kuzo izimoto anikezwe zona esigabeni akuso zilethwe ngesikhathi kanti namakilomitha eziwahambile arekhodiwe.
Isibonelo 3: Zonke izivumelwano ezisemthethweni zokuthengiselana kumele zibhalwe kahle phansi ukuze inqubo elandelwe nokwenziwe icace uma kunombuzo noma kungavela ukuphikisana okuthize. Lokhu kuzothuthukisa okubonakalayo.
Isisebenzi ngesikhathi senza imisebenzi yaso, sizobika kwabasemthethweni abafanele inkohliso, inkohlakalo, ukukhetha, ukuphatha okungekona kanye nezinye izenzo eziphathalene necala noma ezibandlulula ukungagculiswa kweSizwe.
Ngenkohlakalo kuqondiswe ekuzehliseni okuphansi, ikakhulu okuphathelene nokufumbathisa noma inkohliso. Lokhu kuhambelana nenqubo yobugebengu, isibonelo, ukufaka umoya wokuhamba uthengisa, ukuhambisa izidakamizwa, ukuqasha izisebenzi ezingabhaliswanga emthethweni, inkohliso kanye nokuhlela ubugebengu obuthikameza indlela yokuphatha izimali zomthetho. Okokuqala, lokhu iphuzu lokungasebenzisani futhi yinto engamukelekile elimaza umphakathi. Lokhu kuthathwa njengendlela "yokuceba ngokushesha". Okwesibili, kwehlisa uhlelo olusemthethweni lwepolitiki ngokubulala ukwethembeka nokuzethemba, ngoba uma abaphethe behliswa isithunzi, umoya oxegayo nowobukelemu uyadaleka. Okwesithathu, kujiyeza uhlelo lokuphatha izimali. Lokhu kubangela inzuzo ephansi emalini egciniwe, yabathengisi basekhaya nasemazweni angaphandle. Inkohlakalo ithatha okwakhiwe ngokuthembeka embusweni wabantu wentando yeningi. Lokhu kumele kuvinjwe kusaqala.
Kuwumsebenzi wazo zonke izisebenzi ukubika izenzo ezingekho emthethweni, ukuziphatha okungalungile noma inqubo yenkohlakalo kubaphathi noma abasemthethweni uma bekubona. Inqubo yenkohlakalo yandiswa inkambo engalungile, ukweswelakala kokuziphatha kwabantu ngendlela eqotho neqatha, kanye nokukhetha.
Isibonelo 1: Isisebenzi esenza umsebenzi wokuthutha izisebenzi njalo ngebhasi elincane loMbuso, singavunyelwa ngezizathu ezithize ukubeka lebhasi emzini waso. Abasebenza naso baqaphela ukuthi usebenzisa lesithuthi ekutholeni imali eyengeziwe. Kumele babikele umphathi walesi sisebenzi masinyane. Uma kungekho izinyathelo ezithathwayo, lolu daba lungabikelwa oVikela iSizwe.
Isibonelo 2: Uma isisebenzi esisebenza eMnyangweni wezokuThutha simele sinikeze amafayini(fines) kwabeqa umthetho wendlela sifumbathiswa imali ngumshayeli, kumele sibike lomuntu omfumbathisayo ukuba anikezwe icala. Uma isisebenzi samukela imali yemfumbathiso, sizobekwa icala lonkohlakalo.
Isibonelo 3: Isisebenzi asibandanyeki enqubekweni yenkohlakalo, kodwa siqaphela esisebenzisana naso eqhuba inkohlakalo. Uma sithula singabiki lenkohlakalo, seqa umthetho wobuqotho okuvumelenwe ngawo eSizweni. Kulo daba naso sithathwa njengomuntu ovumelana nenkohlakalo.
Isisebenzi sinikeza iseluleko esiqinisekile nesingakhethi, esisuselwe kulo lonke ulwazi olukhona kumphathi omkhulu uma sicelwa lolo sizo.
Uma izisebenzi zicelwa izeluleko eziphathelene nodaba oluthile ngabaphathi abakhulu, kumelwe lunikezwe ngobuqotho obusekelwe ngokusemthethweni mayelana nenkambo elungile yomsebenzi. Lesi siluleko akufanelanga sifake umoya walokho okuthandwa noma okungathandwa yisisebenzi.
Isibonelo: Isisebenzi esenza umsebenzi ophathelene nesikhalo esenziwe yilowo esimzwelayo asebenza naso, asivumelekanga ukufihla amaphuzu avela kwabaphethe ukuze sibeke leso sikhalo endaweni engcono. Ukufihla ulwazi olubalulekile kulodaba kungalimaza inqubo yokuphatha.
Isisebenzi sihlonipha izindaba, imibhalo kanye nezingxoxo ezifihlakele, ezithathwa noma ezichaza imfihlakalo noma okufihlakele.
Okubonakalayo kuchaza, kwezinye izinto, ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuthola ulwazi olugcinwe nguHulumeni uma lolo lwazi ludingwa ekuvikeleni amalungelo athize omuntu. Kungaba khona ulwazi olugcinwe njengolifihlakeleyo. Kulolu daba, kuwumsebenzi wesisebenzi ukuhlonipha lemfihlakalo, ngoba ukuvezwa kwayo kungalimaza uHulumeni.
Isibonelo 1: Akuvumelekanga ukuba isisebenzi sinikezane nolwazi oluyimfihlakalo ezindaweni olungabonwa noma lufundwe , njengemibiko elotshiwe yomkhandlu kahulumeni noma imigomo esaklanyawo ephathelene noHulumeni obusayo..
Isibonelo 2: Ulwazi lwezisebenzi olugcinwe emibhalweni luthathwa njengolufihlakele futhi kumele kuhlale kunjalo ngazo zonke izikhathi. Lolwazi akuvumelekanga ukuba lunikezwe abasebenza ngomshwalensi noma ilungu langaphandle, ngaphandle kwesizathu esamukelekile nesivelayo sokwenza lokho futhi kuvumelekile nasemthethweni.
Isibonelo 3: Ukuxhumana ngendlela yogesi.
Ulwazi oluzwelayo nolufihlakele kumele luthunyelwe kuphela ngendlela yogesi uma kungekho indlela evikelekile olungahanjiswa ngayo. Lendlela kagesi kumele ibe nemvume yalowo okumele aluthole ngaphambilini. Ulwazi olugcinwe njengolufihlakele akufanelanga luthunyelwe ngendlela ezobonwa yiwo wonke umuntu, ngaphandle kokuba izindlela eziqinisekile zokuluvikela zenziwe. Ulwazi lumele luvikelwe ngokuluvalela ngesihluthulelo nangandlela thize ngazo zonke izikhathi.
INDLELA YOKUPHATHA UKUTHOLAKALA KOLWAZI: Izinhlobo ezahlukene zolwazi lumele lutholwe ngabaludingayo nabalusebenzisayo. Ukusetshenziswa kwezincwadi okubhalwa kuzo ulwazi kumele kugcinwe. Amalungelo okuthola ulwazi kumelwe athathwe njengento eqhubekayo. Amagama asetshenziswayo ukufinyelela olwazini (Passwords) akufanelanga, ngezizathu ezithile ukuba umuntu abelane ngawo. Ulwazi lwakude kumele luphathwe ngendlela evikelekile enamandla wokungaluthola, izindlela zokukhonjiswa ngokujahile, ubufakazi beqiniso kanye ne-enkhrishin(encryption). Ulwazi olutholwa umuntu wesithathu luvunyelwe kuphela ezimeni lapho ubungozi bubuncane noma bungekho.
I-E-MAIL KANYE NEWWW: Lokhu kumele kusetshenziselwe izizathu eziphathelene nomsebenzi, kodwa kungasetshenziselwa izizathu ezingavumelekile kanye nokona. Ukuhanjiswa kolwazi oluzwelayo kumele kuhambisane nobufakazi obufanele(encryption) kanye nokusayindwa okuthuthukile kogesi. Indawo engadala ubuthi(virus) kumele iqashelwe, iposi elisolekayo akumele livulwe. Ukuqaphela okumayelana nokuphula amalungelo omthetho anikezwe abaqambi kumele kwenziwe, isiqiniseko solwazi kanye nobufakazi balapho luvela khona. Izinto ezingafanele mazicwengisiswe.
UKULONDA IMINININGWANE: Ulwazi oluyimfihlo lumele luhanjiswe nefomu eyibufakazi(encrypted form). Izindlela eziqinile zezindawo ezilondekile kumele zenziwe kuqala zibuye zaziswe zonke izisebenzi. Kwangasese nokuyimfihlakalo kumele kuqiniswe ngaso sonke isikhathi. Ubuqotho obuphathelene nokuthi ilungu lesithathu lizothola imininingwane kumele benziwe ngaphambi kokuba ulwazi lusakazwe. Ulwazi olulondiwe akumelanga luvalelwe emagameni asetshenziswayo okungafinyelelwa kuwo(password) kuphela, ezinye izindlela ezigcwalisa lokho zingasetshenziswa, isibonelo, izindlela ezifana ne(bio-metrics) nazo zingahlolisiswa. Izisebenzi ezivunyelwe kuphela ezingakhulumisana nokumele kufinyelele kubantu. Lezinkulumo kumele zihlelwe kahle futhi zihambisane nomthetho obanzi wokusakaza. Amakheli, kanye nezinombolo zefekisi kumele ziqiniseke ngaphambi kokuhambisa ulwazi.
Ukuhlolisiswa kobungozi obungavela kumele benziwe ngezikhathi ezithile ukwazisa ukuthi uhlaselo lungancishiswa kanjani. Ubuhlakani bokulungisa masinyane bumele benziwe. Ubufakazi abumelanga buyekwe ngenxa yokuthi kusetshenziswe isimo sogesi. Ubugebengu bokulwa nokutholakala kolwazi kukomputha buyajeziswa ngumthetho ohambelana nokuXhumana ngendlela yogesi kanye nokuThengiselana, uMthetho wokuQaphela nokuVimbela kanye nemithombo ephathelene nobugebengu obusemthethweni. Ukulumkela kanye nokuqaphela kwezisebenzi kumele kuqiniswe.
Emsebenzini isisebenzi sigqoka futhi siziphatha ngendlela ekhulisa igama lalowo osebenzela iSizwe.
UHulumeni kanye nomphakathi balindele izinga eliphezulu lokuziphatha kahle kwabantu abasebenzela iSizwe. Ukuziphatha kahle lapha kusho ukufika ngesikhathi, ukuzifundisa, ukuzimisela kanye nasekunikezeni amakhono aphezulu emsebenzini. Ukugqoka kumele kuhlanzeke, kufaneleke futhi kuhlonipheke ngazo zonke izikhathi. Izisebenzi, ikakhulu lezo ezisebenzisana nabantu, kumele ziqaphele ukuthi azigqoki ngokungemthetho noma azibukeki mahlakahlaka.
Isibonelo 1: Izisebenzi, ikakhulu lezo ezisebenzisana nabantu, akufanelanga zisebenze zigqoke amahembe adabukile noma amabhulukwe anezimbobo.
Isibonelo 2: Akunasisebenzi seSizwe okumele size emsebenzini simahlakahlaka. Uma, njengesibonelo, isisebenzi sisebenza lapho kungeniswa khona abantu ababuya kwamanye amazwe ezweni, siza emsebenzini siphuculekile futhi sinuka utshwala, lokhu kungadala isithunzi esingamukelekanga eNingizimu Afrika, okuyinto engalimaza ilizwe.
Isisebenzi sibophezekile ekuziphatheni kahle mayelana nokusetshenziswa kophuzo oludakayo noma into ebangela ubudakwa.
Izisebenzi akufanelanga ziphuze noma zisebenzise okubangela okudakwa uma zisemsebenzini. Ngaphandle kokuphoxeka, lokhu kunganqabela ukwenza imisebenzi nokusebenzisana nezinye izisebenzi kanye nabantu.
Ukuziphatha kwezisebenzi kanye nomoya omuhle wokusebenzisana kubalulekile ekusebenzeni kwenhlangano. Izisebenzi azifanelanga zizidalele amahloni emehlweni alabo ezisebenzisana nabo ngokusebenzisa kabi izinto ezibangela ubudakwa ngezikhathi zamadili asemsebenzini.
Noma isisebenzi singekho emsebenzini, sisathathwa njengesisebenzi esinceda abantu, ngakho-ke kumele siziphathe kahle ukuze singaphoxi iSizwe.
Isibonelo 1: Umphathi ophuza ngokweqile edilini lomsebenzi uzibangela amahloni emehlweni walabo abamphethe, asebenzisana nabo nabangaphansi kwakhe. Lokhu kungaba nomphumela ongafanelanga ekusebenzeni okuhle ezinxenyeni asebenzisana nazo.
Isibonelo 2: Uma isisebenzi, ikakhulu leso esinceda abantu, sifika emsebenzini sinuka utshwala(noma okungaphezu kwalokho, sidakiwe) singaba secaleni lokuziphatha kabi noma ukuziphatha kwakhe kungalimaza isithunzi sonke kanye nokusebenzisana kahle nabantu. Kubuye futhi kubalulekile ukuqondisisa ukuthi ukuziphatha ngalendlela kuthathwa njengokweqa umthetho kanye nokuthi isisebenzi singabekwa icala ezimeni ezinjalo.
Isisebenzi akufanelanga, ngaphambi kokuthola imvume ebhaliwe kumphathi omkhulu sithole noma samukele izipho zangasese, okuwusizo noma okuyinto efana nemali(engachaza noma isipho senani elingaphezu kwe-R350) okuvela komunye umuntu ngesikhathi senza imisebenzi yaso ngoba lokhu kungathathwa njengemfumbathiso.
Uma umuntu eqashwe njengesisebenzi seSizwe, lomsebenzi uchaza okukhulu. Kusho ukuthi lesisebenzi sithengisa umsebenzi waso kuHulumeni, ngakho-ke sizokhokhelwa imali etheliswa umphakathi uphelele, leso sisebenzi kumele sisebenzele umphakathi ngendlela efanele nangokuzimisela.
Kumele umphakathi nezisebenzi zeSizwe kokubili kuzwisise ukuthi ngaphandle kokwasemthethweni, ilungu elisebenzela iSizwe kumele likhoke imali engeziwe ngomsebenzi othize, isibonelo, esimeni esifanele kukhokhelwe inani elithize ekunikezeni umazisi, akukho okunye ukukhokha okumele kwenziwe. Lomthetho kumele ufakwe kuhlu lwemisebenzi futhi ucaciswe ngokubonakalayo kuzakhiwo zeSizwe ukuze waziwe ebantwini. Uma kufuneka ukukhokhelwa okwengeziwe komsebenzi othize, lokhu kumele kuboniswe emibhalweni efanele.
Kanjalo abanamandla okwenza umsebenzi nokunceda izigungu ezizimele, kumele balumkiswe ephuzini lokuthi abasebenzela iSizwe, ekutholeni imisebenzi, baboshezelwa imithetho egcinwe kuMthetho siSekelo wokuhambisa inqubo yokuphatha ofuna izinga eliphezulu lokuziphatha ngendlela efanele. Ukuphiwa kwezipho, imali yokuxhasa, izinto ezibonakalayo ezingasetshenziswa ukukhuphula, izimemo zasekudleni, njalonjalo, kumele kuthathwe njengengxenye yemisebenzi yokuthuthukisa mayelana nomsebenzi weSizwe, njengoba kungakuvinjelwa ekudaleni umcabango ongabangela izinqumo ezithathwayo, noma ezingabangela ukwenza ukuphikisana okungalungile lapho abancane abenza umsebenzi bengahluleka ukuqhuba lemisebenzi.
Njengoba lokhu kuyinto engenzelwa enkanini, okulandelayo kuhloswe ukunceda njengomhlamhlandlela oqondisa iminyango ezenzweni ezifana naloku. Akusoze kwanizwa umhlahlandlela odidayo kuminyango, iminyango kumele iye kuKomishana labasebenzela iSizwe ukuze ithole izeluleko uma ingeneliseki mayelana nendlela yokuphatha ezinye izimo ezingavela.
Ukwamukelwa kwezipho noma izinto ezifana nemali komunye umuntu noma indawo efuna isenzo sokwenza ibhizinisi, noma ukwenza imisetshenzana ehambisana nemisebenzi eyenziwa izisebenzi kungamukelwa kuphela ngemvume ebhalwe ngabaphathi abakhulu boMnyango.
Kubalulekile ukulumkela ukuba izipho kanye nokuphana okuvela kwabanye abantu abangelona ilungu lomndeni kumele kuvunyelwe. Izipho ezivunyelwe mazingedluli inani elingu R350. Izisebenzi nazo zingabonana noKomishana wabaSebenzela iSizwe uma kukhona ukungagculiseki okuphathelene nokwamukelwa kwezipho.
Isisebenzi akufanelanga sisebenzise noma siveze ulwazi olusemthethweni ekuzizuzeleni okuthize noma ekuzuzeni abanye abantu.
Izisebenzi ezihlangabezana nezimo ezizwelayo, ezifihlekile noma ulwazi olufihlekile ngaso sonke isikhathi emisebenzini yazo, akufanelanga ziveze lolwazi ngaphambi kokuthola imvume yokwenza lokho. Ulwazi akufanelanga luveze noma lusetshenziselwe ukuzuza okuthize noma ukuzuza abathize kanye nasekusekeleni udweshu kwabanye. Kubalulekile ukuba izisebenzi zilumukele ukuthi ukuvezwa kolwazi kungaba ukugculisa iSizwe. Izisebenzi kumele ziqondisise ukuthi okubonakalayo akuchazi ekunikezeni noma ekuvezeni ulwazi. Njengoba kunzima ukunikeza imihlahlandlela ephelele mayelana nofanele ukunikeza ulwazi, izisebenzi ziyacelwa ukuthi ngazozonke izikhathi zithole imvume kwabakhulu uma zingenasiqiniseko.
Isibonelo 1: Ekuvezeni indlela yokukhetha noma imibuzo ezobuzwa labo abenze izicelo zomsebenzi akusoze kwabangela ukukhetha kwabenze izicelo kuphela, kodwa kungaletha imbangela engamukelekile kumalungelo alabo abenze izicelo ukuba nabo bathole ithuba elilingene elitholwe ngabanye.
Isibonelo 2: Uma isisebenzi, ngenxa yesimo somsebenzi waso sinolwazi womklamo kaHulumeni ozokwandisa amanani empahla endaweni ethile, isisebenzi akumele sisebenzise lolwazi ekuzicebiseni sona ngokwaso noma imindeni kanye nabangani baso.
Isisebenzi akufanelanga, ngaphandle kwemvume senze umsebenzi okhokhelayo ngaphandle komsebenzi waso noma sisebenzise impahla yomsebenzi ekwenzeni lowo msebenzi.
Izisebenzi zilindeleke ukubeka ucophelelo, isikhathi kanye nama khono adingekayo kumisebenzi abaqashelwe yona. Izimo kanye nezidingo zomsebenzi weSizwe zingehlisa ukugculiseka kweSizwe kanye nomphakathi uma isisebenzi sikhokhelwa umsebenzi emva kwesikhathi somsebenzi aqashelwe wona. Ngakho-ke kuyinto engamandla ukuthola imvume yokwenza umsebenzi okhokhelayo emva kwesikhathi somsebenzi wakho.
Isibonelo 1: Isisebenzi sihlanganele ibhizinisi nomunye umuntu. Kunamalungiselelo okuthi enze umsebenzi webhizinisi emva kwesikhathi sokusebenza kuphela. Ngokungalindelekile, isimo somsebenzi wakhe kunhlangano yeSizwe sidinga ukuba asebenze isikhathi esingeziwe. Umphumela walokhu ungadala ukuphikisana okwenziwayo, ukungajabuli kanye nokungacopheleli.
Isibonelo 2: Udokotela oqashwe esibhedlela sikaHulumeni, akumelanga, ngaphandle kokuthola imvume komkhulu womnyango ophethe, enze umsebenzi waseceleni okhokhelayo endaweni yomngane wakhe yokwelapha noma asebenzise impahla kaHulumeni ekwenzeni imithi.
Isibonelo 3: Isisebenzi senza umsebenzi wesibili emva kwesikhathi, okuchaza ukuthi silala emva kwesikhathi. Umphumela wukuthi isisebenzi siyadinwa emini, ngakho asisoze senze umsebenzi waso ezingeni elilindelekile.
A.1. Ukwenza umsebenzi obonakalayo kuMthetho siSekelo kumayelana nabasebenzela iSizwe, zonke izisebenzi zilindeleke ukuba zithobele umkhuba wokuziphatha ngendlela efanele onikezwe kulesahluko.
A.2 Lomkhuba uthathwa njengomhlahlandlela kuzisebenzi njengento elindelekile kubo ephuzwini lenkambo elungileyo, ekuziphatheni kwabo kanye nokwabanye. Ukuthobela lomkhuba kungalindela ukukhuphula ukuziphatha okufanele kanye nokunceda ukuqiniseka kokuzethemba kwabasebenzela iSizwe.
B.1. Isidingo siyavela sokunikeza inkambiso kuzisebenzi mayelana nokuhlobene nokusemthethweni, okukupolitiki kanye nabaphethe izikhundla, nezinye izisebenzi kanye neSizwe nokukhombisa umoya izisebenzi okumele zenze ngakhona umsebenzi, okumele kwenziwe ukuvimbela ukuphikisana kokugculisa kanye nokulindelekile kuzo mayelana nokuziphatha ebantwini nasempilweni yangasese.
B.2. Noma umkhuba wokuziphatha ngendlela efanele ubhalwe ngokugcwele, akuyona imithetho edidayo ekhombisa izindlela ezifanele. Ngakho-ke, abakhulu bomnyango, ngamandla abanikezwe wona amayelana nesiqendu 7 (b) womthetho wokuphatha nangokuqhuba ngendlela efanele iminyango yabo kanye nokuqinisekisa ukuziphatha, yilena, kweminye engaphawulwa, ukuqinisekisa ukuziphatha kwezisebenzi kuvumelana nemithetho ebalulekile kanye nemithetho ephathelene nendlela yokuphatha kwabantu elotshwe emthethweni. Izikhulu zeminyango kumele ziqiniseke ukuthi izisebenzi zizijwayeza le mithetho, futhi ziyayamukela kanye nokuyigcina.
Injongo ebalulekile yalomkhuba iqondile, okuchaza ukuthi, ukukhuphula isibonelo sokuziphatha kahle. Okuhambelana nalokhu, isisebenzi sizotholwa sinecala lokungaziphathi kahle futhi sizojeziswa ngendlela ehambelana nokuvunyelenwe ngakho uma seqa okubekwe ngumkhuba wendlela efanele yokuziphatha noma sehluleka ukuthobela loko okunikiwe.
C.1.5. Sisebenzisana nezinhlangano zeSizwe eziqanjwe ngaphansi komthetho kanye noMthetho siSekelo ekuthuthukiseni ukugculisa iSizwe.
C.2.1. Sikhuphukisa ubunye nokuhlalisana eSizweni saseNingizimu nasekwenzeni imisebenzi yaso.
C.2.2. Sizonceda iSizwe ngendlela engabandlululi kanye nekhethayo ukuze sidale ukuzethemba eSizweni.
C.2.3. Sizithobile, siwuncedo futhi siyatholakala ekusebenzisaneni neSizwe, ngaso sonke isikhathi siphatha abantu njengamakhasimende afanele ukuthola uncedo oluphakeme.
C.2.4. Sicabangela izimo kanye nezidingo zabantu ekwenzeni imisebenzi yaso nasekuthatheni izinqumo eziphathelene nabo.
C.2.5. Sizimisele ukunceda ngesikhathi esifanele ukuthuthukisa kanye nokuphakamisa abantu bonke baseNingizimu Afrika.
C.2.6. Asibandlululi ngendlela engalungile elinye ilunga leSizwe mayelana nobuhlanga, ubulili, imvelaphi yomuntu, ibala, isimo esiqondene nobulili, unyaka, ubuqhwala, inkolo, ipolitiki okukholelwa kuyo, isazela, inkolelo, usiko kanye nolimi.
C.2.7. Asiphathi kabi isikhundla saso somsebenzi weSizwe ukuthuthukisa noma ukubandlulula lokhu okugculisa iqembu lepolitiki kanye nenhlangano.
C.2.9. Sivumela iSizwe amalungelo okuthola ulwazi, ngaphandle kolwazi oluvikelwe umthetho.
C.3.2. Senza yonke imiyalo enikezwa yilabo abakhethelwe ukuyinikeza, uma kuphela lokhu kuhambisana nokunikezwa nguMthetho siSekelo noma ngomunye umthetho.
C.3.3. Sivimbela ukukhetha imindeni yaso kanye nabangane emisebenzini ephathelene nomsebenzi sibuye sivimbele ukuphatha kabi isikhundla saso noma sifake umoya omubi kwesinye isisebenzi, noma sifakelwe umoya omubi owenza singaphathi kahle isikhundla saso.
C.3.4. Sisebenzisa izindlela ezifanele ukuveza izikhalo zaso nokuqondisa abasimelayo.
C.3.5 Sizinikela ekukhuphuleni okuphezulu ekugcugcuzeleni kanye nasekusebenziseni abangaphansi kwakhe nasekuthuthukiseni umsebenzi oqinile kanye nokusebenzisana phakathi kwezisebenzi.
C.3.6. Sisebenza ngendlela elungile, efanele kanye nelingene nezinye izisebenzi, singakhathaleli ubuhlanga, ubilili, unyaka, ubuqhwala, inkolo, ipolitiki okukholelwa kuyo, isazela, inkolelo, usiko kanye nolimi.
C.3.7. Sizivikela kumisebenzi ephathelene nezepolitiki endaweni yomsebenzi.
C.4.1. Sizama ukufeza izinjongo zenhlangano ngendlela ephumelelisayo neyokugculisa iSizwe.
C.4.2. Sizidalela imicabango emihle ekwenzeni imisebenzi yaso, sifune izindlela ezintsha zokuxazulula izinkinga kanye nokukhulisa ubuhle nokulingana ezindaweni zomthetho.
C.4.3. Sigcina isikhathi ekwenzeni imisebenzi yaso.
C.4.4. Senza imisebenzi yaso ngendlela efanele neyobuhlakani.
C.4.5. Asivumelani nokuthengiselana noma isenzo esiphikisanayo noma esiphula amalungelo ekwenzeni umsebenzi waso.
C.4.6. Sizihoxisa ezenzweni ezisemthethweni noma sokwenza izinqumo ezingabangela ekwamukeleni izipho ngokungafanele, kanti lokhu kumele kugcinwe kahle isisebenzi.
C.4.7. Samukela iqhaza lokuziveza kuqeqesho oluqhubekayo nasekuthuthukiseni umsebenzi waso.
C.4.8. Sithembekile futhi sineqiniso ekusebenziseni imali yeSizwe nasekusebenziseni impahla yeSizwe nezinye izinto ngendlela enhle nefanele nangezizathu ezisemthethweni kuphela.
C.4.9. Sithuthukisa inqubo eqinile, efanele, ephumelelisayo, ukubonakala kanye neqotho.
C.4.10. Esikhathini somsebenzi wakhe, sizobikela abasemthethweni inkohliso, inkohlakalo, ukukhetha, ukuphatha okungafanele kanye nezinye izenzo eziphathelene nokwenza okungalungile okubandlululo okugculisa iSizwe.
C.4.12. Sihlonipha izindaba, izincwadi kanye nezingxoxo ezithathwa njengeziyimfihlo.
C.5.1. Ngesikhathi senza imisebenzi yaso, sigqoka futhi siziphatha ngendlela efanele nekhulisa isithunzi seSizwe.
C.5.2. Siziphatha ngokufanele mayelana nokusebenzisa iziphuzo noma izinto ezibangela ubudakwa.
C.5.3. Isisebenzi asisoze, ngaphambi kokuthola imvumo ebhaliwe kumphathi omkhulu womyango noma samukele izipho, inzuzo noma izinto ezifana nemali(esingachazwa njengesipho esinenani elidlula R350) komunye umuntu ngesikhathi senza imisebenzi yaso okungasolwa njengemfumbathiso.
C.5.5. Asamukeli, ngaphandle kwemvume, umsebenzi okhokhelayo ngaphandle komsebenzi waso noma sisebenzise impahla yehovisi ekwenzeni lowo msebenzi.
